“ULucy Uthola Iqiniso,” Friend (UMngani), 26-28 ngo-Ephreli 2025, .
Umyalezo waNyanga zonke weFriend (UMngani), ngo-Ephreli 2025
ULucy Uthola Iqiniso
Ngolunye usuku, uLucy Morley oneminyaka eyi-15 ubudala wayesiza umakhelwane wakhe, u-Abigail Daniels, ukweluka indwangu. Ngesikhathi besasebenza, abefundisi abantathu bangqongqoza emnyango. Bathi uJesu Kristu wayebathume ukuba babelane nabo ngomyalezo.
Amadoda atshela u-Abigail kanye noLucy ukuthi uJesu wayebize uJoseph Smith ukuba abe ngumphrofethi. Baphinde babatshela ngeNcwadi kaMormoni.
Emangala noLucy, u-Abigail wathukuthela. Wenza abefundisi ukuba bahambe.
ULucy wayazi ukuthi abefundisi babeyizinceku zikaNkulunkulu. Wabatshela ukuthi mabavakashele umndeni wakhe ezansi nomgwaqo.
Abefundisi baya ekhaya lakwaMorley. Abazali bakaLucy bamema abefundisi ukuba babafundise kanye nabangane babo.
Ngalobo busuku, kwabhabhadiswa abantu abayi-17. Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, abanye abantu abangama-50 bezwa abefundisi futhi base bebhabhadiswa. Ngisho nomakhelwane kaLucy u-Abigail washintsha umqondo wakhe. Yena nomyeni wakhe, kanye noLucy namalungu omndeni wakhe, bakhetha ukulandela uJesu Kristu ngokubhabhadiswa.
Ikhasi Lokufaka Imibala
Ngenxa kaJesu Kristu, Ngiyovuka Kwabafileyo
Umfanekiso nguCorey Egbert
Umkhumbula kanjani uJesu ngePhasika na?
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe ngesiNgisi: 6/19. Ukuhunyushwa koMlayezo we Friend (UMngani) waNyanga zonke, ngo-Ephreli 2025. Zulu. 19631 783