2025
UbuPristi BuBuyiselwe
NgoMashi 2025


“UBuPristi BuBuyiselwe,” Friend (UMngani), ngoMashi 2025, 26–28.

Umlayezo waNyanga-zonke weFriend (Umngani) ngoMashi 2025

UBuPristi BuBuyiselwe

Ungafunda lendaba kuMlando kaJoseph Smith 1:66–73 futhi IMfundiso neziVumelwano 27:12.

UJoseph Smith ekhuluma no-Oliver Cowdery negwebu lomcabango elikhombisa uKristu evakashela amaNefi

Emva kokuba uJoseph Smith ethole izingcwephe zegolide, waqala ukuzihumusha. U-Oliver Cowdery wakubhala phansi ayekusho. Njengoba besebenza, bafunda ukuthi uJesu Kristu wayefuna bonke abantu babhabhadiswe.

UJoseph Smith no-Oliver Cowdery bekhuleka ehlathini

UJoseph no-Oliver bazibuza ukuthi ngubani onamandla kaNkulunkulu okubhabhadisa abantu. Bangena ehlathini bayokhuleka babuza uNkulunkulu.

Ingelosi nezandla zayo phezu kwekhanda likaJoseph Smith

Besakhuleka, kwaqhamuka ingelosi. Yathi inguJohane uMbhabhadisi, owabhabhadisa uJesu Kristu kudala. Yanika uJoseph no-Oliver ubuPristi buka-Aroni ukuze bakwazi ukubhabhadisa abanye. Ubupristi bungamandla kaNkulunkulu. Busetshenziselwa ukubusisa abantwana bakaNkulunkulu.

UJoseph Smith ebhabhadisa u–Oliver Cowdery.

UJohane uMbhabhadisi watshela uJoseph no-Oliver ukuba babhabhadiswe. Bangena emfuleni babhabhadisana. Lapho bephuma emanzini, bagcwaliswa ngoMoya oNgcwele. Babejabule kakhulu!

Izingelosi ezintathu zibeka izandla zazo phezu kwekhanda likaJoseph Smith

Kamuva, kwafika ezinye izingelosi. Abathathu babaPhostoli bakaJesu Kristu—uPhethro, uJakobe, noJohane—banika uJoseph no-Oliver ubuPristi bukaMelkisedeki. Manje u-Oliver noJoseph basebenganika abanye isipho soMoya oNgcwele.

Ikhasi Lokufaka Imibala

UJesu uyaliThanda Iculo leNhliziyo.

Inhliziyo enamanothi omculo

UMfanekiso nguCorey Egbert

Uzizwa kanjani lapho ucula ngoJesu Kristu?